Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 25:6 - IsiZulu 2020

6 “Kwathi phakathi kwamabili, kwamenyezwa kwathiwa: ‘nangu umyeni eza; phumani nimhlangabeze!’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 25:6
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.


Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”


“Ngakho-ke ngiyakwenza kanjalo kuwe, Israyeli, njengoba-ke ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.


Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.


“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi ezilishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma zayohlangabeza umyeni.


“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.


Kuthe umyeni esalibele, zonke izintombi zozela, zalala.


“Zavuka zonke lezo zintombi, zalungisa izibani zazo.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayilindele ngalo, nangomzuzu engawaziyo, iyijezise ngokuyibulala kabuhlungu, bese iyilahla nabangakholwayo.


ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka