Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 24:9 - IsiZulu 2020

9 “Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 24:9
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umuntu ongethembekile uyisinengiso kwabalungileyo, nohamba ngobuqotho uyisinengiso kokhohlakele.


“Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi, kepha bayakuwa ngenkemba, ngelangabi, ngokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.


Abaseleyo bazibamba izinceku zakhe, bazihlukumeza, bazibulala.


Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi.


Ngenxa yalokho, lowo ongukuhlakanipha kukaNkulunkulu, wathi: ‘Ngiyakuthumela kubo abaphrofethi nabaphostoli, abanye benu bayakubabulala, abanye babazingele.’


“Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.


“Uma izwe linizonda, yazini ukuthi langizonda ngaphambi kwenu.


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.


Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


UStefani bamkhanda ngamatshe, yena ekhuleka, ethi: “Nkosi uJesu, yemukela umoya wami.”


Kepha uma ehlupheka ngokuba engumKhristu, makangabi namahloni, kodwa makadumise uNkulunkulu, ngenxa yalelo gama.


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka