Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 15:9 - IsiZulu 2020

9 kodwa bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 15:9
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile, nezandla zami ngazihlamba ngingenacala,


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.


“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?


Wayesebiza isixuku, wathi kuso: “Yizwani, niqonde.


bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’


enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa.


benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na?


Ngiyafakaza kubo bonke abezwa amazwi esiphrofetho sale ncwadi. Uma kukhona owenezela kuwo, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupheko ezilotshwe kule ncwadi.


UDavide wayethe: “Impela konke kuyize ukuthi mina ngakuvikela konke lo muntu anakho, manje usengibonga ngokwenza into embi kanje kimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka