Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 13:44 - IsiZulu 2020

44 “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

44 Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 13:44
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umuntu akayazi intengo yakho, akutholakali ezweni labaphilayo.


Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!


Yini ukuba isiwula sibe nemali yokuthenga ukuhlakanipha esandleni, sibe singenangqondo na?


Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe; umelana nakho konke ukuhlakanipha okungqokolo.


Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha, ukuyalwa, nokuqonda, ungathengisi ngakho.


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge mahhala, yebo, iwayini nobisi, kungabizi mali.


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge.


“Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi.


UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.”


UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?”


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.


Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma.


Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.


okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.


Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka