Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 11:21 - IsiZulu 2020

21 “Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini, yayenziwe eThire naseSidoni, ngabe kudala yambatha isaka, yazithela ngomlotha, yaphenduka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 11:21
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


“Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.


Nokho ngithi kini: kuyakuba ngcono kulo iThire neSidoni ngosuku lokwehlulelwa, kunakinina.


UJesu esephumile lapho, wahamba, waya ezifundeni eThire naseSidoni.


“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso!


Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”


eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza.


UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku.


UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla.


UJesu esephumile futhi ezifundeni eThire, wadabula eSidoni, waya ngasolwandle iGalile, enqamula eDekhapholi.


Bafika eBhethsayida, baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte.


Kepha u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa wabo, kuphela kowesifazane ongumfelokazi, eZarephitha eSidoni.


Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni,


Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida.


UFiliphu wayedabuka eBhethsayida, umuzi okwakuhlala kuwo u-Andreya noPhethro.


Laba-ke baya kuFiliphu, waseBhethsayida eGalile, bamcela, bathi: “Mnumzane, sicela ukubona uJesu.”


UHerode wayebathukuthelele abantu baseThire nabaseSidoni, kodwa beza kuye benhliziyonye. Kuthe sebevumelene noBlastu, induna yesigodlo senkosi, bacela ukuba babe nokuthula, ngokuba izwe lakubo lalondliwa ngelenkosi.


Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka