Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 10:5 - IsiZulu 2020

5 Laba abali-12 wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe, ningangeni nasemzini wamaSamariya,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 10:5
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathumela izinceku zakhe ukuba ziyobiza labo ababemenyiwe emshadweni, kodwa abavumanga ukuza.


“Izwe lakwaZebuloni nelakwaNafethali elisemgwaqweni oya olwandle phesheya kweJordani, iGalile labezizwe;


UJesu wayesebiza abali-12, waqala ukubathuma ngababili, wabanika igunya lokukhipha omoya abangcolileyo.


Sekwedlule konke lokho, iNkosi yakhetha abanye abangama-70, yabathumela ngababili ukuba bayandulele, baye emizini nasezindaweni zonke ezakuya kuzo.


Kepha umSamariya othile owayesendleleni, wazithela kuye; kuthe embona, wamhawukela;


Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya.


UJesu esebabizele kuye abali-12, wabanika amandla negunya lokukhipha amadimoni nokuphilisa abagulayo.


Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo.


Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni.


UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.”


Okhokho bethu babekhonza uNkulunkulu kule ntaba, kepha nina nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhonzelwe khona.”


Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe.


Owesifazane waseSamariya waphendula, wathi: “Kungenzeka kanjani ukuba Wena ungumJuda, ucele kimi engingowesifazane waseSamariya ukuba ngikuphuzise na?” Phela abaJuda abadlelani namaSamariya.


Ngakho-ke abaJuda babuzana bodwa, bathi: “Uzakuya kuphi lo muntu lapho singeke samthola khona na? Ngabe uzakuya kwabahlakazekele kumaGriki, ayofundisa amaGriki na?


AbaJuda baphendula, bathi kuye: “Asikhulumi lona yini iqiniso uma sithi ungumSamariya futhi unedimoni na?”


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe.


USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.


besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka