Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 3:15 - IsiZulu 2020

15 Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; yibani ngababongayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 3:15
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaSimakade.


USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.


Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.


Kungenjalo, masithandele kimi ukuze sivikeleke, masibe nokuthula nami, masenze ukuthula nami.”


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”


Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu,


Ngokuba isinkwa sinye, nokho thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.


Kepha uma ongakholwa ehlukana nomkakhe, makahlukane naye. Umzalwane noma umzalwanekazi ukhululekile kulokho, kodwa uNkulunkulu unibizile ukuba nibe nokuthula.


Ngokuba konke kwenzelwe nina, ukuze umusa ngesikhathi wenabela kubantu abaningi, kwande ukubonga kwabo, kube ludumo kuNkulunkulu.


ukuze nithi nicetshisiwe kokuningi nibe ngabaphanayo, okuyakuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.


okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo, ngokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, ukuba kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.


munye umzimba, munye uMoya; njengalokhu nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;


Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,


nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu,


nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani.


Ngakho-ke okokuqala nje, ngigqugquzela ukuba ukunxusa, ukukhuleka, ukucela nokubonga kwenzelwe abantu bonke;


Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


“Amen! Udumo, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nokuhlonishwa, namandla, nokunqoba kungokukaNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka