Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 2:23 - IsiZulu 2020

23 Konke kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo, nokuzenza abathobileyo, nokukhandla umzimba, kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Izinto ezibonakala zihlakaniphile ekukhonzeni intando, lokuzithoba, lokudebeselela umzimba; kungahlonitshwa ngandlela thize kuze eneliseke inyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Izinto ezibonakala zihlakaniphile ekukhonzeni intando, lokuzithoba, lokudebeselela umzimba; kungahlonitshwa ngandlela thize kuze eneliseke inyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 2:23
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.


Ngokuba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kunalokho uyawondla, awuphathe kahle, njengalokhu noKhristu enza kulo ibandla,


Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,


Konke lokho kuyizinto eziphelayo uma sezisetshenzisiwe ngokwemiyalo nezimfundiso zabantu.


Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.


Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka