Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 2:16 - IsiZulu 2020

16 Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 2:16
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo usuku lokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Cha, kulungile.”


ukunikela njalo kuSimakade, ngayo yonke iminikelo yokushiswa, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, njengokubalula komthetho wabo phambi kukaSimakade.


Isabelo senkosi emfuyweni yayo kwakuba ngesokwenza iminikelo yokushiswa, eyasekuseni neyakusihlwa, iminikelo yokushiswa yamasabatha, eyokwethwasa kwenyanga neyemikhosi emisiweyo, njengokulotshiweyo emthethweni kaSimakade.


Uma abezizwe besilethela okuthengisayo noma yini okusanhlamvu ngesabatha, asiyukukuthenga ngesabatha noma ngaluphi usuku olungcwele, futhi asiyukuvuna ngonyaka wesikhombisa; sesule zonke izikweletu ngalowo nyaka.


eyosetshenziselwa ukubhaka isinkwa esibekwa ethempelini, neminikelo yansuku zonke yokusanhlamvu neyokushiswa, neminikelo yangeSabatha, nemikhosi yokwethwasa kwenyanga, neminye imikhosi emisiweyo, neminikelo yesono eyenzelwa inhlawulo yezono zika-Israyeli, nawo wonke umsebenzi wasendlini kaNkulunkulu wethu.


Abantu lapho bezwa amazwi omthetho, balila kodwa uNehemiya umbusi, no-Ezra umphristi nombhali, nabaLevi ababefundisa abantu bathi kubo: “Ningakhali, ningalili, ngokuba lolu lusuku lungcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu.”


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho; impepho iyisinengiso kimi. Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha, nokubiza imihlangano; anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi.


Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”


Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


Luyisabatha lokuphumula okuphelele kini, niyozithiba; lokho kuyisimiso esiphakade.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


Ngezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga, niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula. Iyoba yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.”


Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kuya esiswini, kuphumele ngaphandle.” Ngokusho kanjalo wayechaza ukuthi konke ukudla kuhlanzekile.


Kepha masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokudla inyama yesilwane esiklinyiwe, nokusenegazi.


Umehlulelelani-ke wena umzalwane wakho na? Futhi umedelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaNkulunkulu.


Senigcina izinsuku, izinyanga nezikhathi, neminyaka.


Uma nafa kanye noKhristu, nakhululwa ezimfundisweni zokucathula kwezwe, pho kungani kungathi nisaphila ngokwezwe, nithobela izimfundiso ezithi:


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli.


UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa ngukwethwasa kwenyanga; uyobonakala ukuthi awukho, isihlalo sakho sizohlala singenamuntu.


UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka