Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 6:2 - IsiZulu 2020

2 Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 6:2
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Uma ama-Aramu eba namandla kunami, uyakuza ungihlenge, kodwa uma abakwa-Amoni beba namandla kunawe, ngizoza ngikophule.


Uma ubona imbongolo yalowo okuzondayo ipatalele phansi komthwalo, uyoyeka yini ukuyikhulula? Yelekelele ukuze ikhululeke.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umphrofethi, ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wazithwala izifo zethu.”


Kepha uJesu wathi: “Maye, nakini zazimthetho, maye, ngokuba nithwesa abantu imithwalo enzima! Nina uqobo lwenu nibe ningayithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.


“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani.


“Yilo umyalo wami wokuba nithandane njengalokho nami nginithandile.


Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka balabo abangenamandla, singazithokozisi thina.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.


Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, noma ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu, kodwa ngiphansi komthetho kaKhristu, ukuze ngizuze abangenamthetho.


Ngokuba yilowo nalowo muntu uyakuthwala umthwalo wakhe.


Mina ngedwa ngingazithwala kanjani izinhlupheko zenu, imithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?


Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.


Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Ngakho khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengokufanele abayakwehlulelwa ngomthetho wenkululeko.


Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe.


ukuba nikhumbule amazwi akhulunywa phambilini ngabaphrofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu.


Yebo, wasinika lo myalo, uvela kuNkulunkulu, masiwugcine. Lo myalo uthi othanda uNkulunkulu, makamthande nomzalwane wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka