Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 1:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha noma ngabe yithi noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo esanishumayeza lona, lowo makaqalekiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 1:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wayesethi: “Uqalekisiwe uKhanani! Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.”


Umphrofethi wayesethi kuye: “Nami ngingumphrofethi njengawe, kodwa kukhulume ingelosi kaNkulunkulu, yathi: ‘Mbuyise nawe, eze endlini yakho ukuze athole isinkwa, aphuze namanzi.’ ” Kepha umphrofethi wayeqamba amanga.


Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.


Kepha maningaqhubeki, nithi: ‘Umthwalo kaSimakade,’ ngokuba oyoqhubeka asho njalo, umthwalo kuyoba ngowakhe, ngoba uyobe ephendulele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wethu.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


UPhethro wayeseqala ukwethuka, futhi wafunga ethi: “Angimazi lo muntu enikhuluma ngaye.”


Baya kubaphristi abakhulu nakumalunga, bathi: “Sizibophezele esifungweni sokuthi asiyukukuthi mbibi ukudla, size simbulale uPawula.


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,


ngokuba ngangifisa ukuba ngoqalekisiweyo, ngisuswe kuKhristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokobuzwe,


Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


Njengalokho sasho phambilini, sisasho namanje ukuthi uma kukhona onishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo enalemukelayo, lowo makaqalekiswe.


Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Mgweme umuntu odala ukwehlukana uma usumyale kanye nomakabili,


Ngakho-ke niqalekisiwe, abanye benu bayohlala beyizigqila, abathezi bezinkuni nabakhela indlu kaNkulunkulu wami amanzi.”


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka