Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 1:1 - IsiZulu 2020

1 UPawula, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Khristu noNkulunkulu uYise, Yena owavusa uJesu kwabafileyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 1:1
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.”


Ngakho-ke uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: iNdodana ingenze lutho ngokwayo, ngaphandle kwalokho ekubona kwenziwa nguYise, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.


“Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’ “INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzotshelwa lapho konke okubekelwe ukuba ukwenze.’


nambulala oNgumthombo wokuphila, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, thina esingofakazi balokho.


Kepha vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokho okumele ukwenze.”


UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.


Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.


UPawula, obizwe ngokwentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Khristu, benoSostene umzalwane,


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte nabo bonke abangcwele abakulo lonke i-Akhaya:


Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe,


Angenyukelanga ngisho naseJerusalema kubaphostoli ababephambi kwami, kodwa ngaya e-Arabhiya ngase ngibuyela eDamaseku.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu nangokwesithembiso sokuphila okukuKhristu uJesu,


okuthe ngesikhathi esifaneleyo walibonakalisa izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswa ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu.


Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu,


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


“Nakuyo ingelosi yebandla laseSimirna loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongowokuqala nowokugcina, owayefile kodwa osephila, uthi:


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka