Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 3:8 - IsiZulu 2020

8 Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 3:8
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Umuntu angaba yini wusizo kuNkulunkulu na? Ohlakaniphe kakhulu angaba wusizo yini kuye na?


ngoba abakholwanga nguNkulunkulu, abaze bethembela ensindisweni yakhe.


Ufakazi wamanga uyakubhujiswa, kepha umuntu olalelayo angakhuluma njalo.


nakubo wathi: ‘Hambani nani niye esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’


Kepha uJesu wamemeza, wathi: “Okholwa yimi akakholwa kimi nje, kodwa kulowo ongithumileyo.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Kepha bathi kuyo: “Uyahlanya.” Kepha yagcizelela ithi: “Ngempela kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.”


Kepha kulowo ongasebenziyo, nokho ekholwa yilowo olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa kuye, kube ngukulunga.


Njengalokhu sinawo lowo moya wokukholwa kuNkulunkulu njengokuba kusho embhalweni, ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma.” Nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,


Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Zibonakalise kukho konke lokhu uyisibonelo semisebenzi emihle, ubonise ubuqotho ekufundiseni nesizotha,


Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;


Abantu bakithi mabakukhuthalele ukwenza imisebenzi emihle ukuba basize lapho kuswelekile, ukuze bangabi ngabangenazithelo.


Wayekade engenamsebenzi walutho kuwe, kodwa manje uselusizo kithi sobabili.


Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle.


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka