Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 1:15 - IsiZulu 2020

15 Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kwabahlanzekile konke kuhlanzekile, kodwa kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho okuhlanzekileyo; kodwa ngisho ingqondo nonembeza wabo kungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwabahlanzekile konke kuhlanzekile, kodwa kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho okuhlanzekileyo; kodwa ngisho ingqondo nonembeza wabo kungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 1:15
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.


Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.


Wayesethi uHagayi: “Uma umuntu engcoliswe yisidumbu bese ethinta noma yikuphi kwalokho, ngabe kuyakungcola yini na?” Abaphristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”


Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.


Izwi laphinda ngokwesibili lathi kuye: “Ungasho ukuthi kungcolile lokho uNkulunkulu akuhlambululile!”


Ngiyazi, njengokuba nginesiqiniseko eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho olungcolileyo ngokwalo, kuphela kulowo othi kungcolile, kuyena-ke kungcolile.


Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kungcolile kulowo muntu okudla qede akhubeke.


kodwa ongabazayo, nxa edla, wehlulelwe, ngokuba konke okungaveli ekukholweni, kuyisono.


Konke kuvunyelwe, kodwa akusizi konke; konke kuvunyelwe, kodwa akwakhi konke.


Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningaphenyi lutho ngakho ngenxa kanembeza,


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Kepha akusibo bonke abantu abanalolo lwazi. Abanye lokhu basajwayele izithombe kuze kube manje, basakudla ukudla sengathi kuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola.


ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka