Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 3:13 - IsiZulu 2020

13 kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 3:13
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula, kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.


Udla umlotha, inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakuwusindisa umphefumulo wakhe, nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, kwathi ngawo, sangibulala.


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo,


Niyazi futhi ukuthi yilowo nalowo kini samphatha njengalokhu uyise ephatha abantwana bakhe;


Ngakho-ke duduzanani ngalawa mazwi.


Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.


shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Ngiyanincenga bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele lona ngamazwi amafuphi.


Kepha yilowo nalowo muntu ulingwa, ahuhwe yizinkanuko zakhe, futhi ahuheke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka