Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 3:10 - IsiZulu 2020

10 Ngalokho-ke iminyaka engamashumi amane, nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazange bazazi izindlela zami,’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ngalokho nganengwa yileso sizukulwane, ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngakho-ke ngaba lusizi ngaleso sizukulwane, ngathi: Bahlala beduka ezinhliziyweni zabo; futhi abazazi izindlela zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho-ke ngaba lusizi ngaleso sizukulwane, ngathi: Bahlala beduka ezinhliziyweni zabo; futhi abazazi izindlela zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 3:10
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wayesezisola uSimakade ukuthi ubadaleleni abantu emhlabeni. Lokho kwamkhathaza enhliziyweni yakhe, wayesethi:


Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso, azizazi izehlulelo zakhe. Haleluya!


ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho, kubo bonke abezizwe.


Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule!


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Iminyaka engamashumi amane, nganengwa yileso sizukulwane, ngaze, ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abangazazanga izindlela zami.”


Abaphristi nabaphrofethi bacwile shi ezinkambeni, babona imibono eyize, bakhubeke ekwehluleleni. Labo ababhukuda ewayinini, babhamazeliswa wuphuzo olunamandla.


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.


Sebekuzwile lokhu abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kepha ngenxa yokuba ngikhuluma iqiniso, aningikholwa.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu livama ngenxa yamanga ami, kube yinkazimulo kuye, pho ngisahlulelelwani mina njengesoni na?


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa.


Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


Base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakade; akakwazanga ukukubekezelela ukubona u-Israyeli ehlupheka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka