Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 13:3 - IsiZulu 2020

3 Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 13:3
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho induna yabaphathindebe ayimkhumbulanga uJosefa; yamkhohlwa.


ngihamba ze, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangisejele, nangivakashela.’


ngangingumfokazi, anangingenisa ezindlini zenu; ngihamba ze, aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningivakashelanga.’


Wajuba induna yekhulu ukuba imgcine uPawula, kodwa imnike inkululeko, futhi inganqabeli muntu wakubo ukuzomsiza.


Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngamasaha, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswele, behlushwa, bephathwa kabi;


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka