Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 10:34 - IsiZulu 2020

34 Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 10:34
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;


UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.”


Kepha kunye okudingekileyo; uMariya ukhethe okuyikhona kungcono, angayukwephucwa khona.”


Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, kepha yena alahlekelwe noma alimaze ukuphila kwakhe na?


Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.


Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli,


Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.


Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami.


engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.


Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo.


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.


Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela,


sibe nefa elingapheliyo, elingenasisihla, elingabuniyo, enililondolozelwe ezulwini.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka