Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 9:34 - IsiZulu 2020

34 Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 9:34
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathi: “Suka lapha lesi sifiki! Usuzosishayela imithetho! Sesizohlupha wena-ke kakhulu kunawo.” Ayesemdudula uLothi aze acishe awufohloza umnyango.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?” Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”


Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.


Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?


Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni.


Yaphendula yathi: “Ngubani okubeke inkosi nomehluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala njengalokhu ubulele umGibhithe na?” UMose wayesesaba, wacabanga wathi: “Impela lokhu sekuyaziwa.”


Xosha isedeleli, kuzophela ingxabano, ukuphikisana nehlazo.


Kunethemba ngesiwula kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


abathi: ‘Mana khona lapho, ungasondeli kimi, ngokuba ngehlukanisiwe kuwe;’ laba bantu banjengentuthu emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.


Omunye wezazimthetho wayesephendula, wathi kuye: “Mfundisi, uma ukhuluma kanje phela, uyaseyisa thina.”


Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”


Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”


Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.


Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.


Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asisibo abantwana bokuphingwa; sinoBaba munye, uNkulunkulu.”


Abafundi bakhe bambuza, bathi: “Rabi, ngubani owonayo; yilo noma ngabazali bakhe, ukuze azalwe eyimpumputhe na?”


Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni.


UJesu wezwa ukuthi bayikhiphele ngaphandle. Kuthe lapho eyifumana, wathi: “Uyakholwa yini yiNdodana yomuntu na?”


Abanye babaFarisi ababekhona lapho bakuzwa lokho, base bethi kuye: “Pho nathi siyizimpumputhe yini na?”


Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


“Thina esingabaJuda ngokwemvelo, singesizo izoni zabezizwe;


esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni.


Ibandla ngalibhalela okuthile, kodwa uDiyothrefesi othanda ukuba ngungqaphambili, akasemukeli.


nokuba kungabi bikho oyothenga noma athengise ngalo, ngaphandle kwalowo onophawu, igama lesilo noma inombolo yegama laso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka