Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 7:19 - IsiZulu 2020

19 UMose akaninikanga yini uMthetho na? Nokho akekho kini ogcina uMthetho. Pho kungani nifuna ukungibulala na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 7:19
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

AbaFarisi baphuma, bafakana imilomo ukuthi bangambhubhisa kanjani.


“Kepha abalimi, beyibona indodana yakhe, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Le yindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’


Abaphristi abakhulu nezazimthetho bakuzwa lokho, bafuna ukuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, kwazise izindimbane zabantu zazimangaliswa ngukufundisa kwakhe.


Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du.


AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


Ngakho-ke bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka ezandleni zabo.


Ngakho kusukela kulolo suku, bakha uzungu lokumbulala.


AbaJuda bamzingela uJesu ngenxa yalokho, ngokuba wayenze lokho ngesabatha.


Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.


“Ningacabangi ukuthi ngiyonimangalela kuBaba, kukhona oyedwa onimangalelayo, nguMose lo enethembele kuye.


Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala.


Ngakho-ke abanye baseJerusalema bathi: “Lo muntu, akusiye yini abafuna ukumbulala na?


“Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.


Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli.


Ngokuba ngisho nabo abasokayo, kabawugcini umthetho, kodwa bafuna ukuba nisoke ukuze bazincome ngani.


Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’


UMose wasinika umthetho, waba yifa lenhlangano kaJakobe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka