Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 15:22 - IsiZulu 2020

22 Uma bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje abanazaba ngesono sabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Uma bengingafikanga ngakhuluma kubo, ngabe abanasono;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Uma bengingafikanga ngakhuluma kubo, ngabe abanasono;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 15:22
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Noma ngabe bayalalela noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umphrofethi phakathi kwabo.


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayilindele ngalo, nangomzuzu engawaziyo, iyijezise ngokuyibulala kabuhlungu, bese iyilahla nabangakholwayo.


Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela.


Ozonda Mina, uzonda noBaba.


Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.


Mayelana nesono, ngokuba bengakholwa yimi;


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha lokhu nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sikinina.”


Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.


Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho.


Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.


Nina ningabakhululekileyo, kodwa ningakwenzi ukukhululeka kwenu kube yisembozo sokubi, kepha ziphatheni njengezinceku zikaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka