Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 12:40 - IsiZulu 2020

40 “Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, ukuze bangaboni ngamehlo abo, bangaqondi ngenhliziyo yabo, funa baphenduke, ngibaphilise.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 12:40
44 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade, wathi: ‘Ngubani oyakuyenga u-Ahabi ukuba enyuke afele eRamothi Gileyadi na?’ “Omunye washo komunye.


Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.


Mina ngithi: “Simakade, yiba nomusa kimi, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”


Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.


USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo.


UMose no-Aroni bazenza zonke lezo zimangaliso phambi kukaFaro, kodwa uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba baphume ezweni lakhe.


Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabalalelanga, njengoba uSimakade ayeshilo kuMose.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Ngokuba uSimakade uthululele kini umoya wobuthongo obunzulu, uvale amehlo abaphrofethi bakini, wemboza amakhanda ezangoma zakini.


Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.


Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”


Yathi: “Hamba uthi kulaba bantu: “ ‘Yizwani, yizwani, kodwa ningaqondi; bonani, bonani, kodwa ningazi.’


“Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.


Yizwani lokhu, nina bantu abayiziwula neningenakuqonda; eninamehlo, kodwa aniboni; eninezindlebe, kodwa anizwa.


“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo, banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa, kepha abezwa, ngokuba bayindlu ehlubakayo.


“ ‘ “Uma umphrofethi eyengeka bese ekhuluma izwi, Mina Simakade ngimyengile lowo mphrofethi; ngiyakwelulela isandla sami kuye, ngimelane naye, ngimbhubhise kubantu bami u-Israyeli.


Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”


ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.”


Ngokuba abakuqondanga okwenzeke ezinkweni, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.


Ngalokho-ke kabakwazanga ukukholwa, njengokuba u-Izaya washo futhi, wathi:


UJesu wathi: “Mina ngize lapha emhlabeni ukuzokwahlulela ukuba abangaboniyo babone, kuthi nababonayo babe yizimpumputhe.”


Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.


“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi, niyakubona nokubona, ningabonisisi,


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje.


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka