UGadi wafika kuDavide wambikela, wathi kuye: “Izofika yini kuwe: iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma izinyanga ezintathu ubaleka ezitheni eziyobe zilokhu zikuxoshile, noma izinsuku ezintathu zobhubhane ezweni lakini na? Manje-ke, cabangisisisa, unqume ukuthi mpendulo yini engizokuyibuyisela kongithumileyo.”