Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 8:7 - IsiZulu 2020

7 Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 8:7
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

izinyonga ziyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo. Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane, nemifudlana ogwadule.


UJesu wayesebiza abafundi bakhe abali-12, wabanika igunya phezu komoya abangcolileyo, ukuze babakhiphe. Wabanika nelokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”


Abangama-70 babuya bejabulile, bethi: “Nkosi, ngisho namadimoni ayasithobela ngegama lakho.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


Kwabuthana nezindimbane zivela emizini ezungeze iJerusalema, zithwele abagulayo nabahlukunyezwa ngomoya abangcolileyo. Baphulukiswa bonke.


Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakushiwo nguFiliphu, zizwa, futhi zibona izibonakaliso ayezenza.


UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka