Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 8:30 - IsiZulu 2020

30 UFiliphu wagijima wasondela kuyo, wayizwa ifunda umphrofethi u-Izaya, wayesethi kuyo: “Uyakuqonda yini lokho okufundayo na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 8:30
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


Lokho okuhlwanyelwe emhlabathini ovundileyo, yilowo olizwayo izwi maqede aliqonde, athele izithelo, athele ngekhulu, omunye ngama-60 nomunye ngama-30.”


“Nikuqondile yini konke lokhu na?” Bathi kuye: “Yebo.”


Wayesebiza isixuku, wathi kuso: “Yizwani, niqonde.


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


“Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni,


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Wasuka-ke wahamba. Wase ebona indoda yase-Etopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe, indlovukazi yase-Etopiya, eyayengamele yonke ingcebo yendlovukazi. Yayikade ize eJerusalema ukuzokhuleka.


UMoya wathi kuFiliphu. “Sondela, uhambisane nale nqola.”


Yona yathi: “Ngingakuqonda kanjani, uma kungekho ongichasisela khona?” Yayisimnxusa uFiliphu ukuba agibele enqoleni ahlale nayo.


UFiliphu wehlela emzini eSamariya, wabashumayeza uKhristu.


Kepha ebandleni ngithanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngibafundise abanye, kunokuba ngikhulume amazwi ayizi-10 000 ngezilimi.


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu: isibalo sakhe singama-666.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka