Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 7:49 - IsiZulu 2020

49 “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; luhlobo luni lwendlu oyakungakhela lona’, kusho iNkosi. ‘Iyiphi indawo yami yokuphumula na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi, ‘noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

49 Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

49 Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 7:49
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwa izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi; nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye, kwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?


“Ngabe uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Izulu namazulu amazulu angekwanele; pho kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo na?


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, nohlezi phezu kwaso.


Waphendula wathi kubo: “Anikuboni yini konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: akuyukushiywa lapha itshe phezu kwelinye elingayikudilizelwa phansi.”


UJesu wathi kuye: “Sifazane, ngikholwe. Siyeza isikhathi lapho ningasayukumkhonza uBaba kule ntaba naseJerusalema.


“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka