Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kwasekusithi uyise kaPhubhiliyu wayelele ebanjwe ngumkhuhlane lomkhuhlane wegazi, uPawuli wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamsilisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwasekusithi uyise kaPhubhiliyu wayelele ebanjwe ngumkhuhlane lomkhuhlane wegazi, uPawuli wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamsilisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJesu wayesebiza abafundi bakhe abali-12, wabanika igunya phezu komoya abangcolileyo, ukuze babakhiphe. Wabanika nelokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.


Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.


UJesu wayesethi kulowo muntu oshwabene isandla: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, saphila, safana nesinye.


Esakhuluma lokho kubo; kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isanda kufa khona manje, kodwa woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”


Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


wamncenga kakhulu, ethi: “Indodakazi yami isiyalayela, ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isinde, iphile.”


Akakwazanga ukwenza lapho nesisodwa isimangaliso, ngaphandle nje kokubeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana; wabaphulukisa.


Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla sakhe phezu kwaso.


Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu.


Kwathi selishona ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nababekhwelwe yizifo ezehlukene; wabeka izandla phezu kwabo ngamunye, wabaphilisa.


Kuleyo ndawo kwakukhona izwe lesikhulu sesiqhingi, igama lesikhulu kwakunguPhubhiliyu, sona sasamukela sasiphatha kahle; sahlala izinsuku ezintathu.


Sekwenzekile lokho, iningi labantu basesiqhingini baletha nabanye ababenezifo, baphiliswa.


Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala.


UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi.


Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka