Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:23 - IsiZulu 2020

23 Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:23
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe.


ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze abaxwayise, funa nabo beze kule ndawo yobuhlungu.’


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.


Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.


ngokuba wabaphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKhristu.


Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.


Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu.


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


Kepha ngiyakuvuma lokhu kuwe ukuthi mayelana neNdlela abayibiza ngokuthi wukuduka, ngikhonza kanjalo uNkulunkulu wokhokho, futhi ngiyakholwa yikho konke okulotshwe emthethweni nakubaphrofethi;


Manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kokhokho,


eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.


UFiliphu wakhuluma naye, eqala kulowo mbhalo; wamshumayeza ivangeli ngoJesu.


naku-Afiya udadewethu no-Arkhiphu obutho linye nathi, nasebandleni elibuthanela emzini wakho:


Okunye-ke ngilungiseleni indawo lapho ngizogogobala khona, ngoba ngiyethemba ukuthi ngenxa yemikhuleko yenu, ngizobuyiselwa kini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka