Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 26:24 - IsiZulu 2020

24 Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 26:24
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehu waphumela phandle ezincekwini zenkosi yakhe. Enye yazo, yathi kuye: “Ngabe konke kusalungile yini na? Beluzofunani lolu hlanya na?” Wathi kuzo: “Niyamazi nina lowo muntu nakushilo.”


‘USimakade ukubeke umphristi esikhundleni sikaJehoyada, umphristi, ukuba nibe ngabaqaphi babo bonke abantu abahlanyayo nabaphrofethayo endlini kaSimakade, ukuze ubafake ejele nasemaketangweni.


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene.


Ngakho-ke abaJuda bamangala, bathi: “Lo muntu uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”


AbaJuda baphendula, bathi kuye: “Asikhulumi lona yini iqiniso uma sithi ungumSamariya futhi unedimoni na?”


AbaJuda bathi kuye: “Manje sesiyazi ukuthi unedimoni. U-Abhrahama wafa, nabaphrofethi bafa, kepha wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akuzwa ukufa nanini.’


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje.”


Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.”


Kepha sekuphele iminyaka emibili, isikhundla sikaFelikisi sathathwa nguPhorkiyu Festu, kodwa yena efuna ukuthokozisa abaJuda wamshiya uPawula eboshiwe ejele.


Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”


Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe.


Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa.


Ngokuba noma singathi siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka