Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 25:11 - IsiZulu 2020

11 Uma ngenzile utho olubi olufanele ukufa, mangife, angenqabi, kodwa nxa kungekho utho olunjalo kulokhu laba abangimangalela ngakho, akekho-ke onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKhesari.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngokuba uma ngingonile, noma ngenze utho olufanele ukufa, angifuni ukufa; ngidlulisela icala kuKesari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba uma ngingonile, noma ngenze utho olufanele ukufa, angifuni ukufa; ngidlulisela icala kuKesari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 25:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uma ngiphakamisele intandane isandla ngoba ngibona ukuthi nginabalandeli esangweni,


UJeremiya wayesethi enkosini uZedekiya: “Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake ejele na?


Kepha uPawula wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu, singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basigquma ejele. Manje basikhipha ngasese na? Phinde, neze! Abeze bona, basikhiphe.”


Kuthe uPawula esathi nje uvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “Nina baJuda ndini, ukuba bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele,


Kuthe besambophe ngemichilo, uPawula wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: “Kuvumelekile yini ukuba kushaywe umuntu ongumRoma engakalahlwa yicala na?”


UPawula wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaKhesari, lapho kumele ngehlulelwe khona. Akukho okubi engikwenze kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.


Ngakho-ke uFestu esekhulumile nomphakathi, waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKhesari, uzokuya kuKhesari.”


Kepha uPawula eseledlulisile icala wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKhesari.”


mina angifumananga lutho olufanele ukufa kwakwenzileyo, kodwa ngenxa yokuthi ulwedlulisele kuKhesari udaba lwakhe, nginqume ukumthumela lapho.


Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe simkhululile ukuba icala akaledluliselanga kuKhesari.”


Kepha abaJuda bakuphikisa lokho, ngaze ngaphoqeka ukuba icala ngiledlulisele eRoma kuKhesari, hhayi ngoba ngimangalela isizwe sakithi ngento ethile.


Bona bayibulala iNkosi uJesu nabaphrofethi, basizingela nathi kanzima, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,


“Simakade, Nkulunkulu wonkulunkulu! USimakade, uNkulunkulu wonkulunkulu uyazi, no-Israyeli makazi! Uma kungukuhlubuka noma kungukwephula ukholo kuSimakade, ningasiyekeli sisinde namuhla,


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka