Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 21:13 - IsiZulu 2020

13 Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 21:13
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kepha akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.


Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngemva kokuba uNebuzaradani, induna yabalindi, isimkhululile eRama, ngesikhathi imthatha, wayesaboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda, abathunjelwa eBhabhele.


“Kungani nisho lesi saga kwa-Israyeli, esithi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu,’ na?


Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.


Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.”


Bazalwane, ngiyaqinisa ukuthi mina ngifa imihla ngemihla ngenxa yokubongwa enginakho ngani kuKhristu uJesu iNkosi yethu.


Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke.


Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.


Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla,


ngilangazelela ukukubona; ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo.


Ngokuba mina sengivele ngiyanikelwa, nesikhathi sokumuka sesifikile.


nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.


U-Elikhana umyeni wakhe, wathi kuHana: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukiswe yini na? Kanti angedluli yini kuwe amadodana alishumi na?”


USamuweli wayesethi: “Pho kuchazani lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkomo engikuzwayo na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka