Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 2:3 - IsiZulu 2020

3 Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 2:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza.


Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


“Izwi lami alinjengomlilo yini, nanjengesando esiqhekeza idwala na?” kusho uSimakade.


“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.


Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?”


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


abaJuda namaphroselithe, abaseKhrethe nabase-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi, ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”


Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo.


Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.


omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.


Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Ngabona futhi enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade, eyakulishumayela kulabo abahleli emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi nabantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka