Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 18:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba wayenza umsebenzi ofanayo nowabo, wahlala nabo, basebenza, ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amathende.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 18:3
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo, umshayo ube munye, sizakhele lapho indawo esizohlala kuyo.” Wathi: “Hambani.”


siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu. Kuthi lapho sethukwa, thina sibusise; uma sizingelwa, thina siqinisele.


Kanjalo iNkosi imisile ukuba labo abashumayela ivangeli, baphile ngevangeli.


Kepha mina angizange ngisebenzise nakunye kwalezo zinto, futhi angilobi lokhu ukuze kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuba umuntu akwenze ize ukuzigqaja kwami.


Pho uyini-ke umvuzo wami na? Ungukuthi uma ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli lingabizi lutho ukuze ngingalisebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.


Kumbe ngonile yini ngokuzithoba, ukuze nina niphakanyiswe, kwazise ivangeli likaNkulunkulu nganishumayeza lona ngesihle na?


Nalapho nginani ngeswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakhedoniya bakuqeda ukweswela kwami. Ezintweni zonke ngaqinisela ukuba ngingabi ngumthwalo kini, namanje ngisazokuzilinda.


Ngokuba yikuphi eningenzelwanga khona kunamanye amabandla, uma kungeyisikho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni-ke lelo cala.


Bazalwane, niyakukhumbula ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singabi ngumthwalo nakoyedwa kini, lapho sinishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.


Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, ninake izindaba zenu, nisebenze ngezandla zenu, njengalokhu saniyala,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka