Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 17:32 - IsiZulu 2020

32 Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Sebezwile ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, abanye bathi: “Sizakubuye sikuzwe ngale ndaba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Sebezwile ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, abanye bathi: “Sizakubuye sikuzwe ngale ndaba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 17:32
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


“Kepha bonke ngothi lwabo, baqala ukuzilandulela, bebeka izaba; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithenge insimu, kudingekile ukuba ngihambe ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolisele impela.’


Amadoda ayembambile uJesu, ambhinqa emshaya.


Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.


Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini,


“ ‘Bonani nina zideleli nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayukuwukholwa ngisho noma kungakhona onilandisa ngawo.’ ”


Kepha abathile kubo, osonjulalwazi bama-Ephikhuru nabamaStoyikhu, baphikisana naye, abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Sengathi lishumayela ngonkulunkulu abangaziwa,” ngenxa yokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.


ngokuba umisile usuku azakwehlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu ammisele khona, lapho enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”


UPawula wayesesuka phakathi kwabo.


Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.”


Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.”


Kepha babenokuphikisana ngokuthile mayelana nenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu owafayo, athi ngaye uPawula uyaphila.


Kungani kuyinsumansumane kini ukuthi uNkulunkulu uyabavusa abafileyo na?


Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe.


Kepha-ke uma kushunyayelwa ukuthi uKhristu uvusiwe kwabafileyo, bakusho kanjani pho abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?


Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa.


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.


abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwenkambu, sithwale ihlazo lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka