Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 17:16 - IsiZulu 2020

16 Kuthe uPawula esabalindile e-Athene, umoya wakhe wathinteka kakhulu lapho ebona umuzi ugcwele izithombe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi uPawulu esabalinda e-Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kwathi uPawuli esabalindile eAthene, umoya wakhe wakhathazeka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi uPawuli esabalindile eAthene, umoya wakhe wakhathazeka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 17:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba; sekusele mina ngedwa, sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Lase lisondele iPhasika labaJuda, uJesu wenyukela eJerusalema.


Labo abaphelezela uPawula, baze bamshiya e-Athene. Kwathi uSila noThimothewu sebethole umyalezo wokuthi mabaphuthume beze kuye, base bemuka.


Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi ababakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.


Ngokuba ngithe ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ngisho ne-althare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWA. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho kanye lokhu engishumayela ngakho kini.


Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte.


“Bhekani manje, ngiya eJerusalema ngokulalela nokuboshwa nguMoya, futhi angikwazi okuzakungehlela khona,


Kwathi singasenakubekezela, sabona kukuhle ukuba sisale sodwa e-Athene.


Kepha wamhlenga uLothi owayelungile, owayekhathazwe ngamanyala axakile ayenziwa ngabangenamthetho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka