Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 17:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha lapho abaJuda baseThesalonikha bezwa ukuthi uPawula ulishumayele izwi likaNkulunkulu naseBhiriya, banikela khona, bafike bazinyakazisa, bazivukuza izixuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kodwa kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi ilizwi likaNkulunkulu litshunyayelwe nguPawuli eBereya, beza lakhona, bavusa ixuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi ilizwi likaNkulunkulu litshunyayelwe nguPawuli eBereya, beza lakhona, bavusa ixuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 17:13
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.


Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.


Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Nicabanga ukuthi ngilethe ukuthula emhlabeni na? Phinde! Kepha ngithi kini: ngilethe ukwehlukana.


Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane.


Kwathi sebedabulile e-Amfipholi nase-Apholoniya, bafika eThesalonikha, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda.


Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.


Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.


Wayephelezelwa nguSophathru kaPhiru waseBhiriya, abaseThesalonikha: u-Aristarku, uSekhundu, uGayu waseDerbe, uThimothewu, nabase-Asiya uThikhiku noThrofimu.


Kuthe sekuzophela izinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bagovuza sonke isixuku, bambamba,


Bashusha abantu, amalunga, nezazimthetho ukuba batheleke kuye; bambamba, bamyisa emkhandlwini.


Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka