Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 15:3 - IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Sebephelekezelwe libandla, badabula iFenike neSamariya, belandisa ukuphenduka kwabezizwe; baletha intokozo enkulu kubo bonke abazalwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Sebephelekezelwe libandla, badabula iFenike neSamariya, belandisa ukuphenduka kwabezizwe; baletha intokozo enkulu kubo bonke abazalwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 15:3
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.’ ”


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.


Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Isixuku sonke sathula; salalela uBharnabha noPawula belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.


Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.


UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa.


Sebefikile eJerusalema, ibandla, abaphostoli, namalunga babemukela, base bebika ngakho konke uNkulunkulu ayekwenze ngabo.


Labo abaphelezela uPawula, baze bamshiya e-Athene. Kwathi uSila noThimothewu sebethole umyalezo wokuthi mabaphuthume beze kuye, base bemuka.


belusizi kakhulu ngezwi alisho kubo elithi abasayukubuye babubone ubuso bakhe. Bamphelezela, baya emkhunjini.


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.


Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane.


ngiyokuza ngesikhathi ngiya eSpaniya. Ngokuba ngiyethemba ukuthi ekwedluleni kwami, ngizakunibona, bese nina ningiphelezela nxa senganelisekile ukuhlala nani.


ngakho-ke makungabi bikho omedelelayo. Uma esehamba anomkhapha ngokuthula endleleni, ngokuba ngimlindele yena nabazalwane.


Mhlawumbe kungenzeka ngihlale nani isikhathi esithile, noma kuze kwedlule ubusika, ukuze ningiqhube ohambeni lwami noma kuphi lapho ngiya khona.


okokuqala ngiya eMakhedoniya, okwesibili nalapho sengibuya eMakhedoniya ngize kini, bese ngiphelezelwa yini uma sengiya eJudiya.


UZena, ummeli, no-Apholo basendleleni, uqinisekise ukuthi abasweli lutho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka