Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 13:16 - IsiZulu 2020

16 UPawula wayesesukuma, waphakamisa isandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 13:16
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuze bakwesabe zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika okhokho babo.


Wena ndlu kaLevi, mbonge uSimakade, nina enimesabayo uSimakade, mbongeni uSimakade.


Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise, yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.


Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.


Esephumile, kakwazanga ukukhuluma kubo; bakhanyelwa ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ekhuluma ngezandla, wahlala-ke eyisimungulu.


Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Kepha esinye saphendula, sasithethisa sathi: “Kanti awumesabi yini uNkulunkulu, ingani nawe uthole isigwebo esifanayo na?


Wayengumuntu okholwayo nomesabayo uNkulunkulu kanye nabendlu yakhe yonke. Wayabela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu engaphezi.


kodwa ezizweni zonke lowo omesabayo nowenza ukulunga uyemukeleka kuye.


Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.


“Madoda, bazalwane, madodana olibo luka-Abhrahama, nalabo phakathi kwenu abesaba uNkulunkulu; izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu.


Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami.


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi:


Bamlalela kwaze kwaba kuleli lizwi, base bekhamuluka bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akafanele ukuba aphile.”


UPhethro ekubona lokho wakhuluma kubantu wathi: “Madoda akwa-Israyeli, kungani nimangele ngalokhu futhi nisigqolozelelani sengathi simenze ngamandla ethu nangokukholwa kwethu ukuba ahambe na?


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka