Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzAga 3:1 - IsiZulu 2020

1 Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 3:1
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho.


Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho.


Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho.


Iziyalezo zakho angiyukuzikhohlwa kuze kube phakade, ngokuba ungiphilisile ngazo.


Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila, ngimbonise insindiso yami.


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


Ndodana yami, lalela ukuqondisa kukayihlo, ungayedeleli imfundiso kanyoko,


Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufunyaniswa endleleni yokulunga.


Ndodana yami, uma ulalela amazwi ami, ugcine imithetho yami,


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


funa baphuze bese bekhohlwa yizimiso, baguqule amalungelo abahluphekayo.


Ngokuba ngininika imfundiso enhle; ningawushayi indiva umthetho wami.


Makungasuki emehlweni akho, ukugcine ekujuleni kwenhliziyo yakho,


Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;


Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akuvezi yini ilaka lakho na?


Ukuhlakanipha sekwakhe indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuze esandleni sikaSimakade, indebe yolaka lwakhe; uphuze waminya esitsheni sendebe yokutengezela.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


“Yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla niyakuyigcina ngokucophelela ukuze niphile; niyokwanda, ningene, nilidle izwe uSimakade afunga ngalo kokhokho benu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka