Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 4:9 - IsiZulu 2020

9 Bangcono abafe ngenkemba kunalabo ababulewe yindlala, babhuqwabhuqwa yinkemane, ngenxa yokweswela ukudla okuvela emasimini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Babe ngcono ababebulawa ngenkemba kunababebulawa ngendlala, ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ababulewe ngenkemba bangcono kunababulawa yindlala, ngokuba laba bayabavula, benqotshiwe ngenxa yokuswela izithelo zensimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 4:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesishiyagalolunye yayibhokile indlala emzini, kwakungekho kudla kubantu bezwe.


Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”


muzi ogcwele ukumemeza, muzi oxokozelayo, nomuzi othokozayo na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, futhi abafelanga empini.


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Imishuqulu yenu iyakuba semakhanda enu, nezimbadada zenu ezinyaweni zenu; ningakhali, ningasikhihli isililo, kodwa-ke niyokonda ngenxa yeziphambeko zenu, nibubulelane omunye komunye.


“Wena ndodana yomuntu, tshela indlu yakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Nisho kanje, nithi: “Ngenxa yokuthi iziphambeko zethu nezono zethu kuphezu kwethu, siyazaca ngenxa yazo, pho-ke sizophila kanjani na?” ’


Wabuye wathi, kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusulema. Bayakudla isinkwa esikaliwe, bekhathazekile, baphuze amanzi akaliweyo, bethuthumela.


“ ‘Ngaphandle yinkemba, ngaphakathi wubhubhane nendlala. Osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini abhuqabhuqwe yindlala nobhubhane.


Insali yabakini iyogcugca iphelele ezweni lezitha zenu, nazo ziyobhubha ngenxa yobubi boyise.


Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka