Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 4:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade uyikhombise ngokugcwele intukuthelo yakhe; wathulula ukuvutha kolaka lwakhe, wathungela umlilo eZiyoni, oqothule izisekelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova ufezile ukufutheka kwakhe, uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe; uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova ulugcwalisile ulaka lwakhe; Wathulula ukufutheka kwakhe, waphemba umlilo eSiyoni, waqeda izisekelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 4:11
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana akho adangele, alala emakhoneni emigwaqo yonke njengenyamazane esihibeni, agcwele ulaka lukaSimakade nesixwayiso sikaNkulunkulu wakho.


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


“ ‘Ngiyakunihambela, nginijezise njengokwezithelo zezenzo zenu, ngiyakuphemba umlilo, uqothule ihlathi lawo umuzi nakho konke okuwuzungezileyo, kusho uSimakade.’ ”


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kungase kufike phambi kukaSimakade, baphenduke, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nolaka uSimakade akhulume ngakho kulaba bantu.”


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Maye! INkosi yembese indodakazi iZiyoni ngamafu entukuthelo yayo! Ibulahle phansi ubukhazikhazi buka-Israyeli, yabubeka emhlabeni, busuka ezulwini. Ngosuku lwentukuthelo yayo, ayilikhumbulanga ithempeli eliyisenabelo sezinyawo zayo.


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


Ngokuvutha kolaka lwayo inqume zonke izimpondo zika-Israyeli, yagodla isandla sayo sokunene, ayamvikela ezitheni zakhe. Ulaka lwayo lwamvuthela uJakobe, lwashisa konke nxazonke.


Yansala umnsalo wayo njengesitha, isandla sayo sokunene samelana nathi, yabulala konke okwakuthandeka emehlweni ethu; ethendeni lendodakazi iZiyoni, intukuthelo yayo yayikhafulisa okomlilo.


USimakade wayekuhlosile ukubhubhisa udonga lwendodakazi iZiyoni; welula intambo yokulinganisa, akasibambanga isandla sakhe ekubhubhiseni; washiya imigoqo nezindonga kukhala; kuyincithakalo.


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo, ngabaqeda nya ngomlilo wentukuthelo yami, kwathi konke abakwenzileyo ngakuthela phezu kwamakhanda abo,” kusho iNkosi uSimakade.


Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangenxa yokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.


Okude uyakufa ngobhubhane, oseduze afe ngenkemba, kuthi osele ephila nolondekile, abulawe yindlala; ngiyakukufeza kanjalo ukuthukuthela kwami kubo.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


singakaphumi isinqumo, lungakadluli lolo lusuku njengamakhoba, lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaSimakade, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaSimakade.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”


Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka