Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 2:20 - IsiZulu 2020

20 “Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenze kubani lokhu. Ingabe abesifazane bazodla izithelo zabo kanye nezingane isikhathi eside? umpristi nomprofethi bayakubulawa endlini engcwele kaJehova na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 2:20
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Abaphristi bakhona bawa ngenkemba, abafelokazi bakhona abaze balila.


UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?


muzi ogcwele ukumemeza, muzi oxokozelayo, nomuzi othokozayo na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, futhi abafelanga empini.


Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.


Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.


Lokho kwenzeka ngenxa yezono zabaphrofethi, nobubi babaphristi bakhona, ababechitha igazi labalungile kulo.


NguSimakade luqobo obahlakazile, akasayukubanakekela. Ababahloniphanga abaphristi, ababanga namusa kubanumzane.


Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.


Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Ayesephuma-ke ayobulala emzini.


Niyokudla inyama yamadodana namadodakazi enu.


Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka