Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 1:12 - IsiZulu 2020

12 Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Akulutho yini kini nonke enidlulayo? bhekani, nibone, uma lukhona usizi olunjengosizi lwami engabuzwa ngalo uJehova wangicindezela ngalo ngosuku lwentukuthelo yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 1:12
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ulaka lwakho oluvuthayo lungehlele, ukwesabisa kwakho kungiqedile.


Ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe ngiyokwenza izulu lithuthumele, nomhlaba uzamazame endaweni yawo, ngenxa yokuvutha kwentukuthelo kaSimakade Wamabandla.


Maye kimi ngenxa yokulimala kwami! Isilonda sami sibi. Kepha mina ngithi: “Impela lokhu yisifo, ngizosibekezelela.”


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Bheka, isivunguvungu sikaSimakade! Ulaka lwakhe luphumile; isivunguvungu esibhubhisayo, siyakwehlela phezu kwamakhanda ezikhohlakali.


Ukuvutha kolaka lukaSimakade akuyukunqandwa, aze akwenze, akufeze okuhloswe yinhliziyo yakhe. Ngezinsuku zokugcina niyakukuqonda lokhu.


Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


Ngalokho bhincani indwangu eyisaka, nikhale, nilile, ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.


U-Israyeli wayengesiyo yini inhlekisa kuwe na? Watholakala enamasela yini, njengoba uma ukhuluma ngaye unikina ikhanda.


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


Maye! INkosi yembese indodakazi iZiyoni ngamafu entukuthelo yayo! Ibulahle phansi ubukhazikhazi buka-Israyeli, yabubeka emhlabeni, busuka ezulwini. Ngosuku lwentukuthelo yayo, ayilikhumbulanga ithempeli eliyisenabelo sezinyawo zayo.


Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.


Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka