Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 7:13 - IsiZulu 2020

13 Elinye lamalunga laphendula, lathi kimi: “Bangobani laba abembethe izingubo ezimhlophe, futhi bavelaphi na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Omunye wamalunga waphendula, wathi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani na? bavela ngaphi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Omunye wamalunga waphendula, wathi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani na? bavela ngaphi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 7:13
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yathi kuye: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi, futhi ulibangisephi na?” Waphendula wathi: “Ngibalekela inkosikazi uSarayi.”


Ngasondela komunye wababemi lapho, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.


Ngakho-ke uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi Mina, futhi niyazi nokuthi ngivela kuphi. Kepha angizizelanga Mina, kodwa lowo ongithumileyo, uqinisile, eningamaziyo nina.


UPhethro ekubona lokho wakhuluma kubantu wathi: “Madoda akwa-Israyeli, kungani nimangele ngalokhu futhi nisigqolozelelani sengathi simenze ngamandla ethu nangokukholwa kwethu ukuba ahambe na?


“ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele.


amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Isihlalo sobukhosi sasizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingama-24; phezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angama-24, embethe izingubo ezimhlophe, ethwele imiqhele yegolide emakhanda.


Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,


Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”


Emveni kwalokho ngabona: kwakunesixuku esikhulu esasingenakubalwa muntu sivela ezizweni zonke, emindenini, kubantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla.


Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka