Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 7:11 - IsiZulu 2020

11 Izingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi, amalunga, nezidalwa ezine zawa zathi mbo phansi ngobuso, phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zithi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Izingelosi zonke zazimi zihaqe isihlalo sobukhosi, namalunga nezidalwa ezine eziphilayo, zawa ngobuso bazo phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Izingelosi zonke zazimi zihaqe isihlalo sobukhosi, namalunga nezidalwa ezine eziphilayo, zawa ngobuso bazo phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 7:11
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.


Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.


UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”


ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo.


Mhla futhi eletha izibulo emhlabeni uthi: “Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”


Amalunga angama-24 ayehleli phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi, akhothama athi mbo ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu,


Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”


Kepha yathi kimi: “Ungakwenzi lokho, nami ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho, abaphrofethi nalabo abagcina amazwi ale ncwadi. Khuleka kuNkulunkulu.”


amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Isihlalo sobukhosi sasizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingama-24; phezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angama-24, embethe izingubo ezimhlophe, ethwele imiqhele yegolide emakhanda.


Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okunjengolwandle lwengilazi, lunjengekhristalu; ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo phambili nasemuva.


Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka