Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 6:4 - IsiZulu 2020

4 Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nogibele kulo wanikwa ukuba ayoqeda ukuthula emhlabeni, ukuze abantu babulalane; wanikwa futhi nenkemba enkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kwaphuma elinye ihhashi elibomvu; ohlezi phezu kwalo wanikwa amandla okususa ukuthula emhlabeni nokuba babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwaphuma elinye ihhashi elibomvu; ohlezi phezu kwalo wanikwa amandla okususa ukuthula emhlabeni nokuba babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 6:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Ngabona umuntu ebusuku egibele ihhashi elibomvu, wama phakathi kwezihlahla zombomvana ezazisemhosheni, emva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, amahwaqahwaqa, namhlophe.


Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu, kweyesibili kunamnyama,


“Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.


Niyakuzwa ngezimpi, namahemuhemu ezimpi. Nina ningethuki, ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki.


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.


Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka