Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:14 - IsiZulu 2020

14 “Izithelo ezazinxanelwa wumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke ukutamasa nobukhazikhazi kushabalele kuwe, akusayukuphinde kutholakale kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:14
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla ababekufisa.


Igama laleyo ndawo kwathiwa yiKibhirothi Hathawa, ngokuba kwangcwatshwa lapho labo ababenenkwankwa.


Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinofonofo na? Phela abembethe ezinofonofo basezindlini zamakhosi.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.


Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa.


Niyafisa, kodwa aninalutho. Niyabulala, ninomhawu, kepha anizuzi lutho; niyalwa, nidala izimpi. Aninalutho ngoba aniceli.


isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu.


Abahwebi balezi zinto, abaceba ngokuhwebelana nalo, bayakumela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala, belila,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka