Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 17:9 - IsiZulu 2020

9 “Lokhu kudinga umqondo ophusileyo. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa, lapho owesifazane eqhwakele khona, futhi angamakhosi ayisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Nansi ingqondo enokuhlakanipha. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa, lapho owesifazane ehlezi phezu kwazo. Futhi zingamakhosi ayisikhombisa;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Nansi ingqondo enokuhlakanipha. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa owesifazane ehlezi phezu kwazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nansi ingqondo enokuhlakanipha. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa owesifazane ehlezi phezu kwazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 17:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.


Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu: isibalo sakhe singama-666.


Owesifazane ombonileyo ungumuzi omkhulu, onombuso obusa phezu kwamakhosi omhlaba.”


Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.


Ingelosi yayisithi kimi: “Yini umangele na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane nesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka