Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 6:9 - IsiZulu 2020

9 Njengeqembu labaphangi lilalele umuntu unyendle, kanjalo neqembu labaphristi liyabulala endleleni eya eShekhemu, impela benza inkohlakalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Njengabaphangi beqamekela umuntu, isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi, yebo, benza okunengekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi njengoba uquqaba lwabaphangi luqamekela umuntu, kanjalo uquqaba lwabapristi lubulala ngokuvumelana endleleni, ngoba benza ihlazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 6:9
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.


UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli.


Kwakulusuku lwe-12, ngenyanga yokuqala, ngesikhathi sisuka emfuleni i-Ahava silibhekise eJerusalema. UNkulunkulu wethu wayenathi, esivikela ezitheni ezazisihlasela nezazisilalela unyendle endleleni.


USimakade wayesethi kimi: “Kukhona uzungu phakathi kwabantu bonke bakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema.


“Kukhona uzungu lwabaphrofethi bawo abakuwo, olunjengengonyama ebhongayo edwengula impango. Badle abantu, bathatha ingcebo nokuyigugu, benza baba baningi abafokazi abakuwo.


Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


Abantu abahlebayo babekuwe ukuba bachithe igazi, badla kuwe ezintabeni, bekuwe benza ubufebe.


Ngiyakuyiqeda nya inkanuko yakho nobufebe bakho owabuqala kusukela eGibhithe. Awuyukukubheka lokho ngokukulangazelela, ungabe usalikhumbula futhi iGibhithe.’


Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.


“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.


“Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.


Amahlubuka ashone shi ekuhlabeni, kodwa ngiyakuwaqondisa wonke.”


“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


Emva kwezinsuku ezimbili, kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna ithuba lokuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.


Ngakho-ke abaphristi abakhulu nabaFarisi babiza umkhandlu, bathi: “Sizokwenzenjani ngokuba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi na?


Sebezwile, benyusela izwi labo nganhliziyonye kuNkulunkulu, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, umhlaba, ulwandle nakho konke okukukho,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka