Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 2:21 - IsiZulu 2020

21 Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphendule, ngiyakuphendula amazulu, wona aphendule umhlaba,” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova, “ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngalolo suku ngiyakuzwa, usho uJehova, ngilalele amazulu, wona alalele umhlaba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 2:21
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla.


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


Kuyakuthi bengakangibizi, ngibaphendule; besakhuluma, ngiyokuzwa.


Ngiyakunihlenga kukho konke ukungcola kwenu; ngibize okusanhlamvu, ngikwenze kube yinsada, ngingabe ngisayehlisela kini indlala.


Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, bachume njengokusanhlamvu, baqhakaze njengomvini, udumo lwabo lube njengewayini laseLebhanoni.


USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


Ngiyakubabuyisa bahlale kulo iJerusalema, babe ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngokwethembeka nangokulunga.”


Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka